top of page
Search
Writer's pictureThulasizwe Nkabinde

ISIGABA SOKUQALA INCWADI #INZIMA_LE_NDLELA(ENJOY)

It’s KQs Story Time

…kuthi kusenjalo aphinde asukume lowaya mshumayeli okewasukuma ekuqaleni maqede

wangasholutho umshumayeli phakathi kokukhuluma kwakhe izilimu, “Umthakathi usendlini, inja

isendlini”, maqede agqume abheke phezulu. Umfundisi emvakokuhleba kancane noMqapheli,

“Angizukuy’melake lento oyenzayo lay’ndlini manje Hlongwane ngoba uma ngingathi mkhiphe

lo mthakathi uzovele uthithilele nje ngamanje…

Lapha sinethulela incwadi “Inzima Le Ndlela” o-indikimba yayo ikhuluma ngokuthwala

futhi esicacisela ngokujulile ngobungozi asuke umuntu ezifake kubona ngoba ezama

ezinqamulelayo eziya empumelelweni. Isizathu esenza ukuthi masinithulele lendikimba

ingoba sifisa ukuthi nizixwaye ngayo yonke indlela lento yokujaha impumelelo

nizenilingeke ningene ezimeni ezifana nalezi. Sicela niqhubeke njalo nokulandela

iziqephu bese niyazithokozela.

ISIGQAWU SOKUQALA.

Kusemcwabeni kaQhilika Gasa obengusomabhizinisi owaziwayo kunetende elikhulu eligcwele

abantu izimoto zithe qhithisaka negqeke uMqapheli uhlezi esihlalweni esiseduzane nebhokisi

likayise elimbozwe ngendwangu enamaLogo ezinkampani abebambe iqhaza kuzo. Uhlome

ikhanda phansi, umfundisi ngemuvakokuhlabelela ingoma enomunyu, “Ngizocela umfundisikazi

uPhoswa asithandazele isizathu esenza ngifune kuvule yena ngomkhuleko ukuthi uQhilika

kudala efisa ngimise umfundisi wesifazane kulelibandla phelasesiyalingana manje nabantu

besifazane nabo kumele babengabafundisi, ngebhadike uQhilika uhambe ngingakamtholi

umfundisi Phoswa ake uthandaze mfundisi usivulele”.

Bacimezebonke abantu aqhubeke umfundisi ngezwi elinomunyu, “Siyabonga mfundisi Phoswa”

aphenduke abheke uMqapheli, “Ungabe usakhala ndodana indoda ayikhali obabamkhulu

babethi alwehlangalungehli lokho kusho ukuthi okwenzeka lapha ekhaya kwaGasa

sekukekwenzeka nakweminye imizi kodwa mina ngithi besekufike isikhathi, ngikusho lokhu

ngokuvunyelwa yizwi lenkosi”, ahluleke ukuzibamba umfundisi asikhihle kodwa asheshe

azibambe. “Akusafanele sikhale ndodana, ngiyaxolisa ukuthi sengicabanga zonke izinto

asenzele zona uQhilika awubheke nje kumanje silindele ukuvula ithebhanekele elisha sha

asakhele lona ngezikhwepha zakhe ubethembise nokuthi uzo…kubekhona omunye

wabashumayeli osukumayo, asukume maqede aphulule ubhebhenene lentshebe yakhe

kubesengazathi akasazi ukuthi ubesukumelani.”Iyangiphazamisa ke lendoda ngizonidedela

nanibashumayeli bami nikhulume ngiyazi seniyasha phela le ndoda ibiyisimangaliso”.

Kuthe kusenjalo iqubulekakhulu le ndoda bese ikhuluma ngezilimu bese ibhekaphezulu kube

sengathi kukhona ekubonayo, kusenjalo kubekhona osho ngengila nebandla lilandele

kuzekugcine sekusukumewonke umuntu kuculwe abanye badlalisela kanti abanye benza

indilinga bazungeza ibhokisi bebodwa nabakhalayo bebalisa ngokushiywa umuntu obengusizo

emphakathini. Usejulukile umfundisi useyaconsa “Ngiyabonga mshumayeli ngiyabonga nakini

makholwa ngokuhubakwenu okuhle kangaka ngosuku olubi kangaka. Ngineqiniso lokuthi noGasa ubezojabula ukuba ubekhona”. Asule umjuluko ngeduku elalimhlophe ngokomthetho

kodwa ngobude bendlela selizelagqwala, “Ngizobuyela kuwena ndodana, unenhlanhla

engandele bani ontangayakho bayahlupheka langaphandle bantula imisebenzi ububha

budlangile nkodwa amatoho ayincosana kodwa awubheke wena ubenhlanhla enjani, uyihlo

ukushiye noxhaxha lwamabhizinisi konke lokhu ukushiye ezandleni zakho nomkakho uKhosi

ungasiphoxi ke mfana ungenzi izinto ezingcolile ngalelifa olisishiyelwe nguyihlo sifuna

ukukubona uqhubeka lapho kugcine khona uyihlo ndodana. Okukhulu nje kunakho konke sifuna

ukukubona njalo ngesonto uya endlini yesonto ukumbule leya yindlu sayakhelwa nguyihlo lokho

wakwenza ngoba wayenothando lwalesonto lethu sifuna ukukubona njalo kuleyandlu”.

Ashaye isikhwehlela esincane bese eqhubeka, “Ngizogqina ngokukukhumbuza mfana wami

ukuthi ukuthi isikhuni esisodwa siyacima engathi ungahlala ungasondelana nabantu abadala

ikakhulu kazi labo bekade bengabangani noyihlo”, athi ukuthula kancane abengule emakhanda

ngamehlokazi bonke labantu abasendlini.”Okokugcina nokubaluleke kakhulu mfana wami

engizokutshela kona kunye” agqolozele uMqapheli othe ne amehlo wakho endodaneni yakhe

uAyanda, “Ukhulile manje ndodana, unendodana eneminyaka eyisishiyagalolunye manje

ngiyazi uyithanda ngenhliziyo yakho yonke iyigugu kuwe noyihlo uQhilika ubeyithanda kakhulu

lengane ukhumbuleke mfana wami indlila ufihlo akukhulise ngayo uze ubengaka ungabe ke

wena usuhluleka ukukhulisa indodana yakho, sikhona thina singomakhelwane sifuna ukuyibona

ikhula lengane ize ibeyondoda njengawe lamabhizinisi kayihlo ngelinye ilanga ayosala

ezandleni zakhe umzukulu lona, kodwa kelokho kuyokwenzeka kuphela uma wena umqeqeshe

kahle umfana wakho ngendlela nawe uyihlo akuqeqeshe ngayo ungasiphoxike mfana wami”.

Ahlale phansi umfundisi besekungena ezinye izikhulumi kukhona nesithunywa esimele

umyango wokuthuthukiswa komnotho nebala sikhulumenaso siqephuze naso ngale ndoda

yamadoda elele kuthi kusenjalo aphinde asukume lowaya mshumayeli oke wasukuma

ekuqaleni maqende akangasho lutho, umshumayeli maphakathi kokukhuluma kwakhe izilimu,

“Umthakathi usendlini inja isendlini”, asho maqede agxume abheke phezulu umfundisi emva

kokuhlebakancane noMqapheli, “Angizukuyimela ke lento oyenza lapha endlini Hlongwane

angeke nje ngize ngiyivumele okokuqala nje umangingathi mkhiphe lomthakathi uzovele

uthithilele nje umcwabo weziqukuthwane Hloangwane hlukana nobuqaba”. Umshumayeli

ngezwi eliphezulu, “Ngingamkhipha, akekho ongazi landaweni ukuthi sithakathwa ilabantu

bangaphandle”, umfundisi ngolaka “Ngiyayivala ke leyonto njalo, angifuni ukuthi makwenzeka

into engasile bese kukhonjwa abantu bokufika kuleli, sonke lapha eNingizimu Afrikha

siyalingana noQhilika wayengazwani kabi nalamanyala okuzondana nabantu bokufika”,

aqhwantshe umsila uHlongwane ahlale phasi axolise umfundisi ngokuphazamiseka kohlelo

“Nixole kakhulu bakithi”, manje sekulandela isikhulumi Pietermaritzburg Chamber Of

Businesses lapho abeyisikhulu khona uQhilika, zikhulumezonke zonke izikhulumi nangu ke

esekhishwa uQhilika eseyiswa endliniyakhe yokugcina uMqapheli ebhekile kufakwa uyise

emotweni yezidumbu…

ISIQEPHU SIYAQHUBEKA NGOKUZAYO…

Silandele kwi Wabsite yethu ukuze uthole iziqephu eziqhubekayo ngokushesha ube ngohamba

phambili kunabo bonke.


Seningaphawula ngalokhu esenikufundile ngalesi siqephu ngezasi, siyabonga isikhathi senu

sizophinda futhi sihlangane ngokuzayo isiqephu sethu siyaqhubeka.

0 views0 comments

Comments


Post: Blog2_Post
bottom of page